Enye yezinto ezisemqoka eNingizimu Afrika ukuthola inxazululo enkingeni yezigameko eziningi zokuhlaselwa kwamapulazi okunomthelela omubi emphakathi wezolimo. Sizama konke okusemandleni ukwenza umehluko obonakalayo mayelana nokuphepha ezindaweni zasemaphandleni. Ngokuqinisekisa ukuphepha kwabalimi kungavuleka ithuba lokuba bagxile ekukhiqhiza imikhiqizo yezolimo ngokuncintisana.
Umnikelo wemali owenziwe yisikhwama sezimali i-Agri Securitas kulelibhukwana ungubufakazi bokuzinikela kwethu ekuziseni umphakathi wezolimo ukuba uzibhekele ezokuphepha ngokwawo.
Kuyintokozo eNhlanganweni yezabalimi eNingizimu Afrika ukuzibandakanya noMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika kuleligxatha elibaluleke kangaka lokuletha ulwazi kuwo wonke umphakathi wabalimi. Khumbula : impilo yakho isemqoka kithina; ngokubambisana singenza umehluko.
Leli bhukwana lenziwe ngenhloso yokwenza ngcono ezokuphepha emaphandleni, ikakhulukazi ukuphepha komphakathi wabalimi. Ikomiti leZifundazwe lokuXhumana leMpumakoloni neNtshonakoloni (POCOC) lithathe leligxatha lokwenza umhlahlandlela wezokuphepha nokuwuqoqela kulelibhukwana. Ikomiti likaZwelonke lezokuXhumana (NOCOC) lona lithathe isinqumo sokusabalalisa leli bhukwana kuzwelonke nokulesekela ngeminikezo evela kwabanye abathintekayo.
Leli bhukwana liqukethe ulwazi ngoMbutho wamaPhoyisa weNingizimu Afrika (SAPS), uMbutho wezokuVikela kuZwelonke waseNingizimu Afrika (SANDF) kanye nezinyunyana zabalimi. Lichaza ukuthi lezi zinhlangano zakhiwe futhi zihlelwe kanjani ukuze zikwazi ukulwa nokuhlaselwa kwamapulazi. Libuye futhi likhulume ngohlelo lokuVikela izindawo zaseMaphandleni (RPP) nokuthi loluhlelo luxhumene kanjani ne-Operation Akantus II, umkhankaso wokubambisana phakathi koMbutho wezamaphoyisa nombutho wezokuVikela okuhloswe ngakho ukwenza ngcono ezokuphepha ezindaweni zasemaphandleni.
Okunye okubalulekile ngaleli bhukwana amacebo okuphepha akulo noma eliwaqukethe. Amacebo okuphepha ayadingeka ngoba imibutho yezokuphepha (I-SAPS ne-SANDF) ibale ukuphepha kwabantu emiphakathini yabalimi njengenye yezihloko ebezinganakiwe ohlelweni lwezokuphepha emaphandleni (RPP). Uma esetshenziswe ngokuyikho amacebo okuphepha, ayoba nomthelela ekuphepheni komphakathi wabalimi.
Uhlelo lweMpi luwuhlelo ongena kulo ngokuzikhethela, oluyingxenye yoMbutho wezeMpi waseNingizimu Afrika olusebenza ngokungagcwele. Lowo nalowo Khomanda ubhekene nomthwalo wokuphephisa nokuvikela umphakathi othile (emaphandleni noma emadolobheni). Usizo abalunikezayo luvamise ukubizwa ngosizo lwendawo. Usizo lwendawo lumbandakanya wonke umphakathi wendawo, ngaleyo ndlela ngisho nelunga lomphakathi elingesilona ilunga lohlelo lweMpi nalo liyokuthola ukuvikela ngaphansi kwalolu hlelo nakuba lingeke lathola zonke izinzuzo ezihambisana nokuba ilunga lohlelo.
Labo ababambe iqhaza kulolu hlelo lweMpi abanaso isibopho sokuvikela ngaphandle kwemincele yezindawo abasebenza kuzo, banesibopho sokuvikela nokuphephisa imiphakathi yabo kuphela.
Lolu hlelo singathi lumi kanje kafushane, lumbandakanya ukwehlukaniswa kwezindawo zibe izindawana ezincane, izingxenye ezilawulekayo. Leyo naleyo ndawo encane iba nesibalo esithile samapulazi/noma imizi, kuya ngokuthi leyo ndawo ingakanani nokwahlukana kwezindawo okuhlalwa kuzo. Amalunga endawo ayaxhumana ngocingo noma imisakazo esebenza njengohlelo lokwesekela izindlela zokuxhumana uma ngabe kwenzeka izicingo zingasebenzi. Ezinye izinhlelo zokuxhumana ziyingxenye esemqoka yohlelo lokuvikela ezindaweni. Amalunga endawo ayaxhumana nomholi wawo (okhethwa yiwoma amalunga) yena unendlela yokuxhumana nesiteshi samaphoyisa. Lokhu kuqinisekisa ukusukumela phezulu kwamaphoyiswa uma kwenzeka kuba nokuhlaselwa. Umholi woHlelo angazisa uKhomanda waleyo ndawo uma kudingeka umbutho oqinileyo.
Inqubo yokuxhumana ingachitha isikhathi eside ngakho-ke, amalunga aleyo ndawo kufanele akwazi ukuzivikela wona nokuthi athembe usizo lomakhelwane namanye amalunga endawo ukuqinisekisa ukusukumela phezulu uma kunesimo esiphuthumayo. Ngalesi sizathu indawo kufanele ihlele ukubhekana nezehlakalo ngaphambi kokuba zenzeke. UKhomanda weNdawo uyosiza loluhlelo lwendawo uma lwakha uhlelo lokubhekana nezehlakalo.
Okusemqoka ngokusebenza ngokuyikho kwalolu nhlelo ukubambisana ngokulinganayo kwalelo nalelo lunga lendawo. Zimbandakanye - kuyosiza wena!
Kukhona izinkundla zamaphoyisa (CPF) nemiphakathi ezingeni leziteshi, izindawo nezifundazwe. Ngaphezu kwalokhu umphakathi wabalimi uyakhuthazwa ukuba ujoyine uMbutho wabaPhoyisa oNgodliwe waseNingizimu Afrika (SARPF) lapho bangafunda izindlela zokuzivikela nokwenza ngcono izindlela zokuxhumana uma kunengozi.
Uma ngabe usungenele I-CPF noma I-SARPS, umphakathi wabalimi uyatshelwa ngamalungelo awo, njengelungelo lelunga lomphakathi lokubopha nokusebenzisa isibhamu.
UMbutho wamaPhoyisa oNgodliwe waseNingizimu Afrika i-SARPS, umbutho ongena kuwo ngokuzikhethela, futhi usebenza ngokungagcwele. Amalunga alombutho ahlukaniswe izinhlobo ezine, okungamaphoyisa okusebenza, amaphoyisa anikeza usizo, amaphoyisa ohlobo olukhethekile kanye namaphoyisa asemaphandleni nasemadolobheni. Lawo maphoyisa awela ngaphansi kohlobo lwamaphoyisa asemaphandleni nasemadolobheni yiwona asondelene kakhulu nokuvikela kwamapulazi.
Abafisa ukuzinikela bangafaka izicelo esiteshini samaphoyisa esiseduze ukuze bafakwe ohlwini lwabazinikele.
Abazinikele bakhethwa ngendlela efanayo nalabo abafaka izicelo zokuqashwa ngokugcwele, kodwa incwadi yokushayela ayidingekile. Izidingo ezijwayekile ezifana nezincwadi zokushayela, izincwadi zemfundo nokuhlolwa kokukhalipha kwengqondo akusebenzi kulabo abafaka isicelo sokufakwa ohlwini lwabazinikele emkhakheni walabo ababhekene nezindawo zasemaphandleni nezasemadolobheni.
ngokuhambisana nomthethonkambiso 5 wemithetho nkambiso eyenziwe nguKhomishani kaZwelonke noma uKhomishani weziFundazwe, angabizwa ukuba azosebenza noma kuyiphi indawo ngosuku nesikhathi esimiswe nguKhomishani kaZwelonke noma uKhomishani wesiFundazwe nokuthi enze umsebenzi ophathelene nobuphoyisa edolobheni noma endaweni yasemaphandleni ngesikhathi noma endaweni eyomiswa ngoKhomishani kaZwelonke noma uKhomishani wesiFundazwe esithintekayo.
angadluliselwa komunye umkhakha uma ngabe ehambisana nazo zonke izidingo zalowo mkhakha futhi eseqeqeshiwe noma efisa ukungenela uqeqesho lwalowo mkhakha; futhi ngaphandle kwemvume ebhaliwe nguKhomishani kazwelonke angeze enza umsebenzi woMbutho okhethiwe, uSizo lwezokuVikela, kazwelonke, isikhumulo sezindiza noma iluphi olunye uphiko.
Lowo nalowo Khomando kufanele anqume ngokufakwa emsebenzini kwamaphoyisa angodliwe esiteshini sakhe, ingxenye noma amanye amahhovisi oMbutho ngokuhambisana nezidingo kanye nezinhlelo eziphambili zaleso siteshi, ingxenye noma amanye anahhovisi.
Ososiyeshini bezolimo kulo lonke izwe babambe iqhaza kuloluhlelo lokuvikelwa kwezindawo zasemaphandleni (I-RPP). Labo ososiyeshini baxhumene nezinyunyana zabezolimo zezifundazwe. Kanti izinyunyana zabezolimo zezifundazwe zona zixhumene nezikhungo ezingukhukhulelangoqo njenge-Agri SA ne TAU SA ezimele abalimi ezingeni likazwelonke.
Izinhlangothi zontathu zimelwe kulamakomiti ezingeni eliphansi labantu kanti zisingethwe ngokubambisana namawodi esiteshi samaphoyisa. Lokhu kuyisisekelo sayo yonke lenqubo.
Leli yizinga elilandelayo lapho lezi zinhlangothi zontathu zimelwe kanti zisingethwe ezingeni lendawo.
Leli yizinga elilandelayo lapho lezi zinhlangothi zontathu zimelwe kanti zisingethwe ezingeni lesifundazwe.
Leli yizinga eliphezulu lapho lezi nhlangothi zontathu zimelwe futhi zisingethwe ezingeni likazwelonke.
Ukusebenzisa izindlela zokuvikela kudinga ukulungiselelwa kusekude. Ngamanye amazwi, umphakathi kufanele uzilungiselele ukubhekana noma isiphi isehlakalo. Nakuba umuntu nomuntu engazivikela yena ngokwakhe uma umphakathi wonke uphapheme ungaba yisithikamezo esesabekayo.
Uma ujoyina Iqembu lokuqashwa kwamaPulazi, ezikaKhomanda noma uMbutho wamaPhoyisa oNgodliwe, uyofundiswa izindlela zokuvimbela ubugebengu ezisizayo kanye nokuthuthukisa izindlela zokuxhumana ngaphansi kwezimo eziphuthumayo.
Qiniseka ukuthi umelwe yilowo omele abezolimo eSikhungweni somphakathi sokuqapha nokuthi uhambisane nezinto ezenzekayo endaweni yakho.
Zimbandakanye ne-RPP (Akuntu-II). Qiniseka ukuthi kunolunye uhlelo olungasetshenziswa uma olunye lwehluleka, nokuthi luyaphindwaphindwa ngokujwayelejile, nokuthi yilowo nayilowo muntu uyazi ukuthi uyini umsebenzi wakhe.
Zijwayeze ukwethamela imihlangano yeKomiti lezokuPhepha emaPhandleni.
Qamba futhi wenze imibhalo mfihlo yamapulazi yokuxhumana, ukuxoxisana nokuvikela kusenesikhathi.
Ungazivuleli amathuba izigebengu. Ungabuvimbela ukugebengu. Zimbandakanye nezenzo zokuvimbela ubugebengu. Yenza nabasebenzi bakho babambe iqhaza. Bamba iqhaza emabhizimisini okuhlanganyela.
Izinyathelo zokuphepha ngeke zithiye ukuhlaselwa kwamapulazi. Kodwa-ke zingeza ukuhlaselwa kuhambe kancane futhi zenze kube lukhuni ukuqhuba uhlaselo.
Umuzi obiyelwe ngocingo onesango elikhiyekayo ungcono kakhulu kunomuzi obiyelwe ngodonga olude ngoba umuntu ongaphandle uyakwazi ukubona okwenzekayo ngaphakathi. Ucingo olude lukagesi alubalulekile kodwa lungenza kube lukhuni ukungena. Inhloso esemqoka yocingo eyokuqala ukwenza ukuhlaselwa kungasheshi, kanti eyesibili ukugcina izinja ngaphakathi. Ucingo olusikayo, nocingo oluhlabayo, amathini angenalutho noma izinsimbi ezikhalayo kungananyathiselwa ocingweni ukuze kunikeze isexwayiso kusenesikhathi esanele. Amasango kufanele akhiywe ngaso sonke isikhathi.
Yonke iminyango yangaphandle kufanele ifakelwe isango lensimbi kanye nokhiye oyisigadlaba. Lelisango lensimbi kufanele lihlale likhiyiwe ngaso sonke isikhathi. Wonke amafasitela kufanele afakwe izinsimbi zokuvikela.
Isango lensimbi eliphakathi endlini elehlukanisa izindawo zokulala nenye ingxenye yendlu lingaba usizo olukhulu. Indlela yokuxhumana ngaphansi kwezimo eziphuthumayo nezicimamlilo kufanele kufakwe eduze kwezindawo zokulala.
Indlela yokukhuluma phakathi komuntu osesangweni nosendlini, umnyango wangaphambili noma igalaji.
Izibhamu kufanele zitholakale kalula ngaso sonke isikhathi kanti futhi kufanele, uma kungenzeka umuntu asithwale kuyena emzimbeni. Qiniseka ukuthi izibhamu ziyalungiswa. Umuntu ophethe isibhamu kufanele akwazi ukuthi siphathwa kanjani futhi azimisele ukusisebenzisa.
I-alamu efakwe ophahleni lwendlu noma amaswishi amaningana e-alamu endlini angeza I-alamu izwakala endaweni ekude. Ingasetshenziswa uma ezinye izindlela zehluleka. I-alamu kufanele ihlolwe ukuthi iyasebenza njalo ukuze kuqinisekwe ukuthi ingezwakala endaweni ekude. I-alamu kufanele ikwazi ukwexwayisa abasendlini ukuthi kukhona osendlini uma bengekho endlini lokhu kungavimbela ukugetshengwa kwabo uma sebebuyela endlini. Isibani esifakwe ophahleni lwendlu noma ngesinye isithikamezo ezixhunywe kumakhalekhukhwini kungaba iukulondoloza okuhle.
Amathini afakwe amatshe axhunywe ndawonye.
Ukhethe olwendlalwe ngaphansi kwamafasitela, endleleni yokuhamba ngezinyawo noma olwendlalwe lwazungeza indlu.
Izithiyo ezibanga umsindo uma zingudluzwa.
Izibani zokuphepha ezixhunywe kuswishi ezwela ukukhanya ngaphandle kwendlu yindlela enhle yokwenza ngcono ukuphepha epulazini. Lezi zibani kufanele zibhekiswe kude nendlu kodwa abahlala endlini kufanele bakwazi ukulunguza ngamafasitela bangabonakali kumuntu ongaphandle. Izithunzi nezindawo ezisithele kufanele ziqashelwe.
Indawo ebukhulu bayo bungamitha angama-20 X 80 eseduze kwesango, imigwaqo yasemapulazini, izimpambano lapho imigwaqo yasepulazini ihlangana khona nomigwaqo emikhulu kufanele zicentwe ukuze kuvinjelwe ukulalelwa/ ukuvunjukelwa izigebengu.
Wamele amalungelo akho njengomnikazi wepulazi. Abantu abangaziwa nababambe itoho kufanele bathole imvume kuqala uma bengena epulazini. Buza esiteshini samaphoyisa sangakini ukuthi umthetho uthi yini ongayenza nokuthi ungawasebenzisa kanjani amalungelo akho.
yakha ubuhlobo obuhle nabasebenzi basepulazini.
khuthaza abasebenzi ukuba bakuqaphele ukuphepha nokuthi babike uma kunobugebengu.
khuthaza abasebenzi ukuba babaqaphele abantu abangabaziyo endaweni nokuthi bakwazise ngabo.
klomelisa abasebenzi uma bekunike amacebo noma ulwazi olunosizo.
Vikela ngokwanele imizi noma izindlu zabasebenzi nemindeni yabo.
Ungavumeli muntu angene epulazini noma endlini, ikakhulukazi ebusuku ngaphambi kokuba esezichazile ukuthi ungubani.
Kufanele ulalise ngaphakathi endlini okungenani inja eyodwa.
Qiniseka ukuthi amathuluzi okusebenza asindayo njengezimbazo, amapiki, amalele, amahalavo nokunye uyakukhiyela uma kungasetshenziswa.
Sebenzisa imibhalomfihlo kunoma ubhale amalebula kokhiye.
Zama ukuthi ungahlali uphethe isixhaka sokhiye. Sebenzisa okhiye abasebenza ngemibhalomfihlo. Imibhalomfihlo kufanele ihlale ishintshwa njalo.
Bakhiphe okhiye emotweni uma bengadingeki.
Bashintshe okhiye bakho uma ngabe okhiye bokuvula benyamalele.
Qiniseka ukuthi zonke izivalo (kumbandakanywa nesivalo segalaji) amafasitela namasango kuhlala kukhiyiwe uma kungasetshenziswa.
Ngaphambi kokuba uvule noma yini, qiniseka ukuthi uphethe ukhiye ongowakhona.
Ungalingi ufihle ukhiye endaweni eqangeleka kalula njengaphansi komata noma imbiza yezitshalo.
Uma ngabe ushiye ukhiye ebhotsheni kakhiye ngaphakathi kwesivalo, kufanele uwuphendule ukhiye ukuze ungafuduleki.
Ngaso sonke isikhathi uma uhamba yazisa umndeni wakho ukuthi uyaphi, uzohamba ngayiphi indlela nokuthi uzobuya nini.
Hlola ucingo lwakho njalo ukuze uqiniseke ukuthi luyasebenza. Beka ucingo endaweni lapho luzofinyeleleka khona kalula okufanele kube yindawo engaqondene nefasitela lapho lungadubuleka khona kalula.
Ngaso sonke isikhathi hlala unethoshi eduze kwakho ebusuku, uma ngabe usebenzisa ithoshi lisebenzise ngendlela yokuthi lingakhombisi ukuthi wena ukuphi.
Zama ukwenza izithiyo zokuthi kungantshotshwa uphethilomu neminye imikhiqizo.
Ungenzi umsebenzi ofanayo noma owodwa zonke izinsuku.
Kwenze kuba umkhuba wakho ungalali ngokushesha ngemuva kokucima izibani ebusuku. Hlala usabhekile isikhashana eside. Ungalali endaweni lapho ungabonakala khona ngumuntu ongaphandle kwendlu.
Ungami phambi kwefasitela uma ngabe uvala noma uvula amakhethini. Hlehlisa amakhethini ngendlela yokuthi ungazivezi kalula kumuntu ongaphandle. Amakhethini akufanele abe ngabonakalisayo okungaphakathi. Ukunyakaza kwabantu noma izithunzi zabantu akufanele zibonakale ngaphandle endaweni engamamitha ayi- 10 ukuba kude nendlu.
Thatha izithombe nezithupha zabo bonke abasebenzi ukuze besabe ukwenza noma ukuzimbandakanya nobubugebengu.
Ukuzijwayeza ukuqhumisa isibhamu epulazini (endaweni ephephile) nakho kungabathunaza labo abafisa ukwenza ubugebengu.
Izingane zakho kufanele zikwazi ukuphendula ucingo ngendlela enenhlonipho. Akufanele zikhulume nabantu ezingabazi noma zamukele izipho kubantu ezingabazi. Wonke umuntu okhone ekhaya kufanele akungenele ukuviliyela kokuzivikela.
Hlala unomshini wokuthwebula izithombe omdala emotweni. Thwebula izithombe zabo bonke abantu ongabazi abasendaweni noma abavakashele ipulazi lakho.
Uma ngabe ungaqinisekile ukuthi uzofika kuphephe kanjani endlini yakho ngemuva kokuba kade uthathe uhambo, thinta umakhelwane wakho ukuze akusize ukuhlola ikhaya lakho. Lokhu kungavimbela ukulalelwa izigebengu.
Qamba izindawo ezijwayele ukuba ngeziphephile njengezindlu zangasese, ezokugezela noma ezigcina impahla. Kungcono ukuba neminyango namafasitela amancane.
Ungagcini izinto ezinokugqamuka amalangabi endlini.
Yazi kahle indawo ukuze ukwazi ukubaleka , ikakhulukazi ebusuku.
Fika ekhaya kusakhanya noma kusesemini njalo nje.
Zijwayeze noma yazi inqubo ephathelene nokuvakashelwa ngamaphoyisa, uKhomanda noma omakhelwane.
Ukuxhumana ngokuyikho yingxenye enkulu yokuzivikela yasemaphandleni. Ngakho-ke, lelo nalelo pulazi kufanele libe nendlela yokuxhumana namanye amapulazi akuleyo ndawo, noMbutho wamaphoyisa kanye noMbutho wezokuVikela.
Kufanele kube khona izindlela ezimbili zikwesekela noma esizosiza esimweni esiphuthumayo njengocingo noma umsakazo weviyo lezakhamuzi. Umakhalekhukhwini uyasiza kakhulu ngoba ayixhunywa kulayini okungenzeka unqanyulwe.
Kufanele kusungulwe indlela yokuxhumana ngemisakazo ezobhekwa futhi ilungiswe njalo. Kufanele kuqokwe umuntu oqotho ozobhekana nalomsebenzi.
Abasebenzi basepulazini nabo bayingxenye yaleliqembu kanti kufanele nabo bazimbandakanye namacebo okuphepha.
Abasebenzi basepulazini kufanele bambandakanywe ngokulinganayo ekugcineni ukuphepha epulazini.
Abasebenzi kufanele bajwayezwe ukusebenzisa amagama ayimfihlo ukuze bakwazi ukwenza izimpawu ezithile uma kunengozi noma isimo esiphuthumayo.
Khombisa futhi wazise wonke umuntu okhona epulazini izindawo nezintuba zokubaleka.
Izindlela zokuxhumana (kumbandakanywa nezinye izindlela zokuxhumana ezahlukile) kufanele kujwayelwe ukuba zihlolwe ukuthi ziyasebenza.
Uma ngabe kukhona izixhushuxhushu zabasebenzi ukuphepha kufanele kuqiniswe.
Ubuhlobo bokusebenzisana obuhle bubaluleke kakhulu.
Ukuhlaselwa kungavinjelwe ngokuqaphela izimpawu zokwexwayisa ngokuhlaselwa kwepulazi kanti umphakathi ungahlonyiswa ukuze ukwazi ukubhekana naleyo ngozi. Ngakho-ke kubalulekile ukuhlala uqaphele lezo zimpawu zokwexwayisa nokubikela abezobuhloli bakuleyo ndawo noma ngelinye ilunga loMbutho wezokuPhepha.
Abantu abangaziwa abahamba ngezimoto emgwaqeni wepulazi noma bagxumeke amathende endaweni. Qaphela izindlela ezingajwayelekile.
Ukufa kwenja egadile okungachazeki.
Bheka ubufakazi bokuba khona kwabangene bengenamvume, njengamabhodlela angenalutho noma amathini; amagobolodo ezinhlamvu; izicuncu zamaphepha, izikinombo; izicibi zendwangu; izinyawo noma imilobo yezicathulo; imilotha ekhombisa ukuthi bekubaswe umlilo endaweni obekugxunyekwe intende kuyo; imisele yamazi; izinsalela zokudla; izinqamu zikagwayi, amabhokisi angenalutho; indle; intambo; ukwephuka kwamagatsha kanye nezikhwama zamaplastikhi. Lobu bufakazi bungakha umfanekiso othile.
Uma ngabe inezinsolo, dlana indlebe nomakhelwane wakho.
Qaphela ukuwebiwa kokudla, uphethilomu, imfuyo noma izilwane zasendle, nokunye.
Abantu abangaziwa abangena epulazini ngezizathu ezizwakalayo noma abangenabungozi bese bezama ukuhlola indawo benganakiwe.
Qaphela izenzo ezingajwayelekile ezenziwa izinyoni noma izilwane - zingakhombisa ukuthi kukhona umuntu okhona.
Qaphela ukuthi akunazimpawu phansi ezingakhombisa ukuthi abantu bachithe isikhathi behlola indlu besengosini ethile. Izindawo zokulala noma zokuphumula umndeni zijwayele ukuqashelwa kulezingosi.
Qaphela abantu abangaziwa abagqoke kahle abamile ezindaweni lapho kwethulwa noma kuthathwa khona izinqola ekuseni noma abahambahamba eduze kwendawo yokungena epulazini. Laba bantu ngokuvamile abawagibeli amatekisi ajwayelekile kodwa balandwa ngezinye izimoto.
Abantu abashayela izimoto badlule epulazini ezintathakusa futhi bakhalise amahutha ukuze bathuse izinja.
Abantu abangaziwa abazama ukuthenga impahla noma imfuyo noma abacela usizo ekuseni kakhulu, noma ntambama kakhulu noma sekuqala ubusuku.
Qaphela izenzo ezingajwayelekile uzibike emaphoyiseni noma umholi waleyo ndawo.
Cabanga ngokuthi ungenzenjani uma uhlaselwa ezindaweni ezahlukene epulazini noma eduze kwendlu. Lokhu kungakusiza ukucabanga ngokushesha ngokucacile uma uhlaselwa. Cela ilunga lomndeni likhombise ukuthi lingenzenjani ezimweni ezahlukene.
Cabanga - ungethuki. Ingqondo yakho yiyonanto yokuzivikela yokuqala.
Hlolisisa isimo: Kungabe kukhona omunye umuntu eduzane Ungakwazi ukuphunyula?
Ungamthuki lowo/labo abakuhlasele . Ucwaningo lukhombisa ukuthi ukwethuka kwenza umhlaseli abe nolaka noma ngabe ubesekutholile lokho abekufuna(njengezikhali noma imali). Abahlaseli bayamlimaza umuntu obethukayo uma behlasela.
Uma ngabe abahlaseli becela isikhiye zesisefo, banike ukhiye ungalwi. Ucwaningo lukhombisa ukuthi abahlaseli bangasebenzisa idlunzula ukuze bathole ukhiye, kanti bangabulala noma balimaze umuntu lowo ngenxa yokuthukuthela.
Uma kungenzeka yazisa noma utshele abahlaseli ngemizamo yomphakathi noma yoMbutho wezokuVikela kanye noma uMbutho waMaphoyisa, njengokuthi ubenze balalele umsakazo weviyo lezakhamuzi noma ubakhombise umyalezo othunyelwe ngomakhalekhukhwini noma umyalezo oyizwi. Ucwaningo lukhombisa ukuthi abahlaseli bayethuka kakhulu futhi bayesaba ukubanjwa, ikakhulukazi uma bezobanjwa umphakathi. Uma ngabe abehlaseli benokungabaza kungaba lula ukuphunyuka. Bayabaleka bengakaluqedeli lonke uhlaselo.
Ukuphepha kubalulekile kakhulu kumhlaseli. Ngakho-ke uma kwenzeka, ngale kokubacasula bazise ukuthi uyabazi kanti bazotholakala ukuhamba kwesikhathi. Lokhu kuvamise ukubathusa abahlaseli bayesaba ukubanjwa kanti bangabaleka bengakaqedi ukuhlasela.
Ungalwi noma uzabalaze nomhlaseli ngaphandle uma ukusetshenziswa kwamandla ngaleso sikhathi kungaholela ekutheni uphunyuke.
Uma ngabe igazi lakho likutshela ukuthi yilwa, ungaphikisani nalo. Kufanele UMLIMAZE lowo okuhlaselayo. Cindezela amehlo akhe ngezithupha zakho. Ukukhahlela umuntu imbilapho nakho kuyalimaza. Kubalulekile ukuthi umkhubaze umhlaseli angakwazi ukubaleka uze uthole usizo noma ubaleke.
Uma ngabe ukulwa kungasebenzi zama ukubhekisisa izinto ezithile kumhlaseli njengeminyaka yobudala, ubude, umbala wezinwele, izibazi, imidwebo esemzimbeni, izingubo, indlela akhuluma ngayo.
Zama ukushiya iminwe yakho noma kuphi lapho ungase uyishiye khona. Zama futhi ukushiya izinto zakho ezithile njengecici, okokumpeda umlomo, induku noma umgexo.
Umuntu omdala okufanele aphendule uma kukhona ongqongqozayo emnyango.
Bheka kuqala ukuthi ngubani osemnyango (ngaphambi kokuba uvule) ngokulunguza ngebhobo yomnyango noma ngefasitela noma ngokulalela izwi.
Ungavumeli muntu angene endlini ngaphambi kokuba umazi ukuthi ungubani.
Ungami phambi komnyango. Yima eceleni.
Yakha indlela ethile ozokwemukela ngayo izincwadi olethelwe zona ngale kukovula umnyango (kungaba isikhwanyana sokwamukela izincwadi noma ushiye ibhobo phansi komnyango).
Qiniseka ukuthi iketango elingemuva kwesivalo luxhunyelwe kahle ngesikhathi usazama ukuthola ukuthi ngubani lowo muntu osemnyango.
Uma ngabe ungakholwa kahle ngemuva kokulalela undaba oluyengayo, UNGAWUVULI UMNYANGO UVULELE UMUNTU ONGAMAZI!
Uma kwenzeka, biza abazokusiza.
Zithibe ekwenzeni izinto ezingase zimthukuthelise. Yima endaweni ethile ungamvumeli umhlaseli adlule kuleyo ndawo. Njengokuthi uhlale phansi.
Ungaphikisani noma ubambe umhlaseli ngaphandle uma wazi ukuthi uzokwazi ukulawula leso simo.
ungazithatheli umthetho ngokwakho.
Uma umbambile umhlaseli munikezele emaphoyiseni ngokushesha.
Uma ngabe indoda nenkosikazi befika ekhaya ebusuku, inkosikazi kufanele yona ishayele imoto ize ifike esangweni. Umsakazo wokuxhumana osemotweni kufanele uvulwe, izibani zemoto zaphambili zicishwe. Uma kwenzeka, bangahlola indawo leyo ngokusebenzisa isibani esiphathwa ngesandla ngaphambi kokuba indoda iphume emotweni.
Indoda ingavula isango ngemuva kokuba isihlole yonke indawo eseduze.
Izibani zemoto kufanele zigcinwe zicinyiwe uma imoto isingena esangweni.
Indoda kufanele ihlole indlu negceke elizungeze indlu ibheke ukuthi azikho izinto ezingajwayelike uma besondela endlini.
Imoto kufanele imiswe endaweni lapho kuzoba lula khona ukubaleka.
Uma ngabe sebephumile emotweni kufanele bangene endlini ngokuqaphela.
Kufanele bayishiye isaduma imoto. Indoda kufanele iqiniseke ukuthi indlu nezindawo ezizungeze indlu ziphephile.
Kufanele baqiniseke ukuthi indlu nezindawo ezizungezile ziphephile kuqala ngaphambi kokuba bangene endlini.
Uma ngabe sebenelisekile ukuthi indlu iphephile, wonke umndeni ungangena endlini, bese imoto iyopakwa egalaji.
Uma ngabe ubona into engajwayelekile, akufanele amalungu omndeni ayihlole wona ngokwawo leyonto. Kufanele athole usizo noma abaleke.
Yazisa omakhelwane, amaphoyisa noma ukhomanda ngeminingwane yakho neminyakazo yakho.
Khalisa I-alamu ubize omakhelwane bazosiza.
Izingane zigcine endaweni ephephile endlini.
Yima ngasodongweni , ungafulatheli umnyango ovaliwe noma ifasitela.
Dubula nawe uma kunokwenzeka.
Zama ukuthola ukuthi yini engalungile emotweni.
Zama ukulungisa imoto uma kwenzeka.
Ungahlali phakathi emotweni uma usalinde usizo, kodwa yima endaweni ebuqamamana lapho ibonakala khona imoto.
Thola indawo lapho ungacasha khona budebuduze nemoto kodwa ukwazi ukubona imoto.
Yonke imoto kufanele ihlale inamathuluzi anjengojeke, isikudilayiva nodlawu.
Uma ngabe uhlaselwa emzini wakho ebusuku, cisha zonke izibani zangaphakathi ngokushesha, bese ukhanyisa zonke ezangaphandle. Iswishi eyodwa elawula zonke izibani zangaphakathi ingasiza. Khalisa wonke ama-alamu.
Thintana nomakhelwane oseduze ngomsakazo wokuxhumana wezakhamuzi. Uma ngabe lomsakazo uxhumene nesiteshi samaphoyisa athinte nawo futhi.
Uma kwenzeka, thinta isiteshi samaphoyisa esiseduze, ngocingo, noma ngomakhalekhukhwini noma umsakazo wokuxhumana wezakhamuzi.
Kufanele kuhlelwe futhi kuthathwe izinyathelo ezibahambela phambili, lokhu akufanele kwenziwe imindeni ethile kuphela kodwa yonke imindeni eyakhele leyo nhlangano yokuzivikela endaweni. Ukuhlanganyela ndawonye kuyasiza kakhulu ekuphephiseni umphakathi noma leyo rijini.
Amalunga eqembu kufanele kube yiwoma alinda igumbi lokuhlola.
Abalimi kufanele bagcine izinombolo ezibalulekile nezinombolo ezivamise ukusetshenziswa ngocingo kanye nomasakazo wokuxhumana wezakhamuzi.
Kufanele kube nolunye uhlelo olulindile noma olungodliwe futhi kufanele lubukezwe njalo.
Lowo nalowo mlimi noma umuzi kufanele wazi ukuthi yiliphi iqhaza lawo uma umthwalo wabo uma kunengozi.
Kufanele kwaziswe uMbutho wamaphoyisa ngokuvamile kanye nokhomanda ukuze kuhlelwe isinyathelo sokuphindisela ezizothathwa.
Kubalulekile ukukhombisa nokwazi ukuthi zikuphi izintuba zokubaleka abantu abahamba ngezinyawo noma izimoto.
Lelo nalelo lunga leqembu kufanele libe nomfanekiso wesithombe sokwakhiwa kweminye imizi yamanye amalunga.
Thola ukuthi abantu abangaziwa benzani endaweni.
Qaphela ukuhambahamba kwabantu endaweni, noma ngabe bahamba engwaqeni nona ngezinyawo.
UMbutho wamaPhoyisa, uMbutho wezikuVikela kanye noKhomanda kufanele bavamise ukuvimba imigwaqo.
Lapha ngezansi kunemibuzo okufanele azibuze yona zonke izinsuku umuntu ohlala epulazini. Uma ngabe izimpendulo zakho kuyo yonke imibuzo zingu "yebo" amathuba okuthi uhlaselwe ayancipha.
Ngabe izivalo zensimbi, amasango nezinsimbi zamafasitela zisasebenza ngokuyikho emzini wakho?
Ngabe ucingo lokuphepha lusasebenza kahle ukuze luvimbele ukungena kwabangafuneki?
Ngabe izinja eziqaphile zisawenza umsebenzi ngokuyikho?
Ngabe ezinye izindlela zokuxhumana ngale kocingo (njengokuthintana nomakhelwane, uKhomanda noma amaphoyisa) kusesimweni esisebenzayo?
Ngabe ikhona indlela yokuxwayisa kusekude epulazini lakho, ngabe iyasebenza ngokuyikho Ngabe abasebenzi bakho bazokubikela ngabantu abangabazi noma izimoto abangazazi ezisepulazini lakho?
Ngabe banjani abasebenzi bakho bangabantu abangawuvikela umndeni wakho uma wena ungekho.
Ngabe abasebenzi bakho bangakwazi ukuzivikela bona ngokwabo?
Ngabe abasebenzi baqeqeshiwe ngokwanele futhi batshelwa ukuthi bakusize noma bafune usizo uma uhlaselwa.
Ngabe usebenzisa izindlela ezahlekene ezizokugcina uphephile ungahlasela uma uphuma edolobheni noma esontweni?
Ngabe uwagcina ekhiyiwe amasango ezinsimbi emini.
Ngabe uyaqaphela uma uvula isango?
Ngabe uyakwazi ukufinyelela kalula ezikhalini zakho?
Uyazi ukuthi kufanele wenzeni uma ukhonjwe ngesikhali sakho?
Ngabe umndeni wakho uyokwazi ukukusiza uma uhlaselwa Ngabe bayokwazi ukulwa nomhlaseli ngempumelelo?
Ngabe uyakwazi ukunikeza usizo lokuqala futhi ngabe ibhokisi lakho losizo lokuqala linazo zonke izimfanelo?
Ngabe uvamile ukubheka izintambo zocingo ukuze ubheke ukuthi azinqanyuliwe?
Ngabe wonke umuntu okulindelekile ukuba athinte isibhamu uqeqeshiwe ukusebenzisa isibhamu?
Ngabe omakhelwane bakho bayazi uma ungekho nokuthi uzohamba isikhathi esingakanani, kanti ngabe bayokubhekela umndeni wakho nempahla yakho.
Ngabe wena nomakhelwane bakho nivamile ukuthintana ukuze nihlole ukuthi omunye uphephile na?
Ngabe unayo imoto elungile ongakwazi ukugijimisa noma ukulandela ngayo izigebengu ngemuva kokuba sezonile?
Ngabe nguwena olawula noma ophethe izikhiye zemoto yakho?
Ngabe uphethilomu ugcinwe endaweni ekhiyiwe?
Ngabe uhlala ungadile abantu ongabazi epulazini lakho?
Ngabe indlela eyenziwe ngayo ingadi yakho iphephile?
Ngabe uma uqonda/ubhekana nabantu ongabazi, okungenzeka ukuba bahlomile, uthatha izinyathelo zokuphepha ezidingekayo?
Ngabe unalo icebo lokuvimbela ukuhlaselwa ngabantu ongabazi abangena emzini wakho bezothenga okuthile noma befuna umsebenzi?
Ngabe uyalisebenzisa ithuba lokusizwa ngaboMbutho wezokuvikela ukuvikela umndeni wakho kanye nempahla yakho.
Umgomo wokusebenzisa indlunzula kancane ngenye yezinto ezibaluleke kakhulu zemigomo yoMbutho wezokuVikela (I-SANDF). Ngale komsebenzi owenziwayo kufanele kuhambisane nomgomo wokusebenzisa indlunzula kancane. Indlunzula elingene yiwona mthetho obalulekile okufanele ubhekisiswe ngaso sonke isikhathi.
Indlunzula elingene, uma ibhekwa ngumuntu ongathintekile ingachazwa njengokusebenzisa indlunzula edingekile ukuze kufezeke inhloso ethile.
Isivivinyo sokuhlola ukuthi kusetshenziswe indlunzula elingene noma qha senziwa ngumuntu ongathintekile, kufanele kubhekwe ukuthi indlunzula, ekalwa ngokusebenzisa isivivinyo sokulinganisa ngomuntu onengqondo ngokwamukelekile, ukuthi yena ubengayithatha njengelingene. Isivivinyo ukuzibuza ukuthi lomuntu, uma ebezithola esesimweni esifanayo naye ubengasebenzisa indlunzula efanayo.
Indlela esizayo engasetshenziswa uma kubhekwa undaba lokusetshenziswa kwendlunzula ngokulingene, ukubuza lemibuzo: "Ngabe ibikhona enye indlela yokubhekana nesimo Uma lokho okuhlosiwe kungeze kwafezeka ngaphandle ngokusebenzisa indlunzulu, kusho ukuthi indlunzula okufanele isetshenziswe kufanele kube ngelingene". "Ngabe ikhona enye indlela", kufanele kubhekisiswe wonke amanye amaphuzu nesimo umuntu abekuso?
Ngokuhambisa nomgomo wokusetshenziswa kwendlunzula ngokulingene, kuvela lemibuzo elandelayo: Kungadutshulwa nini, ngaphansi kwayiphi imibandela futhi ngandlelani?
Leso naleso simo sehlukile kwesinye kanti ubunjalo besimo yibona obudlala indima enkulu uma kubhekwa ukusetshenziswa kwendlunzulu ukuthi ngabe isetshenziswe ngokulingene noma qha. Ngakho-ke ngeze kwaba lula ukusho manje ukuthi isibhamu kufanele sisetshenziswe esimweni ezinjena noma qha. Okungenani kungamiswa imigomo ezoba yisisekelo okuyobhekelwa phezu kwayo ukuthi bekufanele yini kudutshulwe noma qha.
Nalapha umthetho osemqoka ngukuthi kufanele kusetshenziswe indlunzula elingene. Kuleso naleso simo kufanele kubhekwe ukuthi alikho yini elinye icebo ngale kokudubula.
Kubalulekile ukuthi kufanele kube nokulingana phakathi kwecala ebelenziwa nendlunzulwa esetshenzisiwe.
Uma ngabe umuntu enqaba ukuboshwa, kufanele aqotshwe ngokusebenzisa amandla kunokuba adutshulwe.
Umuntu onqaba ukuboshwa angadedelwa abaleke engadutshulwanga uma ngabe kungeke kube lukhuni ukumthola futhi.
Kungcono noma kuphephile ukudubula emoyeni njengesexwayiso. (Kodwa-ke ukudubula emoyeni ezindaweni zasemadolobheni akulungile).
Ezikhathini eziningi kungcono noma kuphephile ukumlimaza umuntu kunokuba ubudubulele ukubulala.
Ukubaluleka komgomo womthetho okufanele ufezwe mayelana nempilo nokuhlonishwa komzimba womuntu oboshwayo.
Ukuhlaselwa noma ingozi kufanele kuqondiswe ngqo kumuntu (akukhathaleki ukuthi ungubani), ukusetshenziswa kwesibhamu lapha kungaxolelwa uma bekungekho enye indlela obekungavikelwa ngayo leyo ngozi noma ukuhlaselwa.
Ungasebenzisa isibhamu kuphela uma ngabe ukuhlaselwa kuyingozi manje noma sekuvele kwenzeka (lokhu kusho ukuthi ukuhlaselwa akufanele kube yinto okungase yenzeke).
Ungeze wasebenzisa indlunzula engaphezu kokudingekile uma uqoba ukuhlaselwa. Uma usebenzise indlunzula ngokweqile, kusho ukuthi uwephulile umgomo wendlunzula elingene, kantu umuntu ozivikelayo uphenduka abe ngomhlaseli.
Indlunzula esetshenziswa ukunqoba umhlaseli kufanele ibhekiswe kuyena ngqo umhlaseli yena kuphela.
Isigaba -49 sithi uma umsolwa esolwa ngecala elibalwe kusheduli 1 angabulawa ngale kwesijeziso, ukuze angabaleki.
a Ukudubula umsolwa uma eboshwa kwamukelekile ezimweni ezithile kuphela. Ngaphandle, kwamacala abalwe esigabeni- 19.6.1.4 nesigaba -19.6.1.
uma ngabe umsolwa eyingozi kulowo muntu obophayo noma omunye umuntu; noma uma umsolwa esolwa ukuthi wenze icala lokulimaza noma ukwethusa ngokulimaza kanti kungekho enye indlela yokumbopha ngaleso sikhathi noma esikhathini esizayo.
b Uma ngabe kufanele kuboshwe, indlunzula ingasetshenziswa kuphela uma idingekile ukuze kuboshwe. Uma ukusetshenziswa kwedlunzula kudingekile, kufanele kusetshenziswe indlunzula elingene ukuze kuboshwe. Uma kubhekwa ukuthi indlunzula ilingene noma yamukelekile kuyobhekwa sonke isimo okumbandakanya nokuthi umsolwa ubeyingozi kangakanani kulowo abophayo, uhlobo lwecala asolakala ukuthi ulenzile. Ubungako bendlunzula esetshenzisiwe kufanele buhambisane noma bulingane nazo zonke lezi zimo. Ukudubula umsolwa kuvumelekile kuphela ngaphansi kwezimo ezithile eziyingcosana. Akufanele neze neze ukuthi umuntu ozama ukubopha adubule abulale umsolwa ukuze angabaleki lokhu kusho ukuthi umuntu ozama ukubopha angadubula umsolwa emlenzeni . Lezi zithiyo aziphambuki kumalungelo alowo ozama ukubopha okuba abulale umsolwa uma ezivikela yena noma evikela omunye umuntu.
Lowo nalowo mnini wesibhamu unomthwalo wokugcina isibhamu sakhe ngokuphepha. Noma imuphi umuntu olahlekelwe noma otshotshewe isibhamu ngenxa yobudedengu uyoshushiswa kanti angamenyezelwa njengomuntu ongakufanele ukuba nesibhamu.
UMthethonkambiso -28 woMthetho weZikhali neziNhlamvu ka- 1969, (uMthetho ongunombolo -75 ka- 1960) unquma izidingo zokugcinwa ngokuphephile kwezisefo zezibhamu nezindlu zezikhali.
Isisefo kufanele sibe ngesakhiwe ngensimbi yohlobo oluphezulu.
Uphahla, iphansi kanye nodonga lwesisefo kufanele okungenani sibe nohlonzo olungama amamilimitha ama-2 kanti isivalo sona kufanele uhlonzo lube ngama-3mm. (Ithilaki lensimbi alihlangabezani nalezi zidingo).
Uma ngabe sikhiyiwe izivalo zesisefo kufanele zinganyakazi noma ngabe zinyakaziswa ngendlunzula.
Izivalo zesisefo ezibude bazo bungaphezulu kwamamilimitha angama-500 kufanele zifakelwe amabhawodi amathathu.
Uma isivalo sivaliwe, umfantu phakathi kwesivalo nefulemu akufanele ube ngaphezu kumilimitha eli-1.
ukhiye onezihibe iziyisikhombisa okungenani, ezintathu zalezi zihibe kufanele zinikwe amafindombumbulu; noma ukhiye osebenza ngezinombolo onamagiya amathathu; noma ukhiye osebenza ngogesi ohambisana nezinga le-SABS.
Isisefo kufanele siboshelwe odongeni noma yiphansi lendlu noma isakhiwo esinganyakazi. Kungcono ukuxhumela isisefo kukho kokubili udonga nephansi. Kungcono futhi ukusebenzisa iziqobosho ezincomekayo njenge- Rowls bolts noma ngezinye iziqobosho esifanayo. Akufanele kusetshenziswe iziqobosho zeplasitikhi.
Uma ngabe isisefo sifakwe emotweni, kufanele sixhunyelwe emzimbeni wemoto lapho singeke sibonakale khona ngumuntu ongaphandle.
Igama nekheli lomuntu ofake isisefo.
Inombolo yokubhaliswa, inombolo yinjini kanye nenombolo yeshesi nohlobo lwemoto.
Isigaba- 8 soMthetho weZikhali neZinhlamvu ka- 1969, (uMthetho ongunombolo -75 ka- 1969), ulawula ukusetshenziswa kwesibhamu somunye umuntu.
Kufanele abe nemvume ebhaliwe yokusebenzia isibhamu somunye umuntu onelayisensi.
Kufanele abe semagcekeni omuzi noma indawo avunyelwe ngokomthetho ukuhlala kuyo lomuntu omnike imvume yokusebenzisa isibhamu sakhe.
Imvume leyo ebhaliwe kufanele ichaze isikhathi esingasetshenziswa ngaso isibhamu futhi kufanele ikhombise imininingwane eyanele yesibhamu.
Umuntu osebenzisa isibhamu angeze athutha leso sibhamu ngemoto esisusa noma esisa endaweni lapho kufanele iisetshenziswe khona.
Isigaba- 8 soMthetho weZikhali neZinhlamvu ka- 1969, (uMthetho ongunombolo- 75 ka -1969), ulawula ukusetshenziswa kwesibhamu somunye umuntu.
Ngumuntu onelayisensi lokuba nesibhamu kuphela ongagcina isibhamu somunye umuntu.
Ikheli lapho isibhamu szogcinwa khona.
Igama, inombolo kamazisi, nekheli lomnikazi wesibhamu.
Isikhathi esizogcinwa ngaso isibhamu.
Isaziso esisayidwe yilunga loMbutho wamaPhoyisa.
Umnikazi wezibhamu kuphela ongasithutha esisa noma esesibuyisa kulowo muntu ezosigcina. Kodwa-ke singathunyelwa futhi ngabe- courier abanemvume eyamukelekile yokuthutha izibhamu ngaphansi koMthethonkambiso-3.
Ezinye izindawo ezithengisa ngezibhamu ziyalunikeza nosizo lokugcinwa kwezibhamu kodwa kukhokhwa imali.
